Sunday, May 18, 2008

UMZANSI NGISAZOWUSHUKUMISA by Isishimane

Sekunyuka iminyakanyaka ngithi ngiyakunyakazisa
ngithi ngiyakunyonyobela khona uzoxakaziseka
kepha wena uyangixaka nje ngob’ungitshela inyakanyaka
Ungixolele uma kuwukuthi ngiyangxambukela
Noma ungazama ukungixukuza uthi uyangixakazisa
ngeke ngikuxebuke

Ukuthi inhliziyo yami ixakekile
Angisakwazi ngisho ukuxoxa okungaphakathi
enhliziyweni yami ngoba wena uzongixoxa bese
uyangixokiza nyi nyi nyi nyi nxi...
bese kuxoveka inhliziyo yami
Uyazi angiqondile ukukubangela izixakaxaka,
angiqonde kukuxaka
kodwa wena walokhu uzixaka uzixukuza nje
ngoba uyasazi isixazululo salengxoxo … uthando

Hey bafethu kunalomntwana engimfunayo
engifuna ayithole yonke into ayifunayo
ngesikhathi asithandayo ngoba konke nginakho;
Umlomo … soxoxa ngothando,
Ibhayisikili ngizomuhambisa emajukujukwini okujula
kwenhliziyo yami, uthando ngizomuthanda.
Uma ngingase ngimuthole ophezulu wongithethelela
ngoba for sure ngizowuphula umuthetho owodwa
kwelishumi.

Pho ngizokwenzenjani?
Ngoba nonke nina majita niyabanjwa niyabamba kusuka
ezimbanjeni udilike njalo uze ufike edawa.
Hey bafethu akeningimbuleleni izimfihlo zenu
Hey bafethu akeningivuleleni izimfihlo zenu
Nami ngiyafuna ukubhukula ngihambe ngimamatheka,
ngihleka "sthandwa sami"nyi..hi..hi..hi …ngisineka
nothandiweyo wami.
Pho ngizomutholaphi ngoba ngiphethwe isifo esingalapheki?
... ngiphethwe isifo esingalapheki
… ngiphethwe ubushimane,

Hey bafethu musani ukungisukela, hey bafethu musani
ukungibiza ngesishimane ngoba mina ngiziphethe kahle
Hhayi ngoba ubushimane bumi ngenxa …
angiphethwe ubushimane

Hey bafethu musani ukungisukela, hey bafethu musani
ukungibiza ngesishimane ngoba ngizothi uma sengishoshela
sengimushela lomntwana nizoshwabana nizoqala
nilokhu ningishalazela abanye benu boze bavukwe umona
baze bafune ukungishaya

Phela lomntwana angisamusheli ngoba ngiyabona
ngizogcina sengishelela.
Okungcono angimushova … shove nale nkulumo
mhlambe uzosho into ezongishukumisa

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Kusazoshuba uma sengishosholoza nalomtwana
esefake umshuqulo wasekhaya
Nofisa ngisho ukumushutha uma esenehlulile esenishukile
Nithi niyamucharma.

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Shh … shh … shh thulani vele ngoba anazi ngisazoshosholoza
nale nkondlo; leli vangeli ngisazolishumayela ngalenkondlo
Kophela zonke izinkulumo, koba khona ukugedla kwamazinyo
uma sesifakana imilomo sixoxa ngefuture bese kuba
njeya kuphinde kube njeya bese siyajikajika siphinde
sijikajike kube angathi omunye wethu uphuze
ijiki kanti cha siyajikilana nje

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Ngisazohamba ngihambe, ngishone ngivumbuke
noze nithi nine shobolo kanti cha ngasho ngathi
oshukumayo asibhej’ishumi
Lomntwana ngeke aphunyule ngizombamba

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

But not for now, for now I will forever, ever be isishimane
Because I shall never be umashiyakukhalwa
Hey ezweni kushubile ikakhulukazi uma ushoshela ngasemzansi
Okungcono ngibe isishimane khona umashayabhuqe ungeke
ungishobozele.
Intsha ivukelwe … uthando olungayi ndawo

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

No comments: